ISpurs isiqashe uMiddendorp wodumo kwiChiefs
Usephinde wathola omunye umsebenzi u-Ernst Middendorp kusaphele izinyangana edube abewuthole eTanzania.
UMazinyo, okuyigama lesidlaliso lalo mqeqeshi odabuka eGermany, umenyezelwe yiCape Town Spurs njengomqeqeshi wayo omusha ngoLwesihlanu.
Ezinyangeni ezimbalwa uMiddendorp uqoqe abaqeqeshi bakuleli, oThembalethu Moses noThabo Senong waya nabo kwiSingida Fountain Gate.
Leli qembu belisanda kwenyuselwa esigabeni esiphezulu eTanzania futhi lidlala emiqhudelwaneni yeCaf.
Kodwa yena akaqedanga namaviki amabili uMiddendorp ekhona, wabona ebuya ekhaya ekhala ngokuthi abaphathi bakhona bafuna ukumlawula.
Kodwa ke akukapheli nezinyanga ezimbili ebuyile njengoba eseyothatha umsebenzi owavela uma kuxoshwa uShaun Bartlett kwiSpurs.
Ekuxosweni kukaBartlett, leli qembu laqasha uShaun Connor ukuba azoba ngumphathi wethimba labaqeqeshi.
Laqasha noVasili Masounakis ukuba azoba yiphi lo mqeqeshi obengakaqashwa ngaleso sikhathi.
Bake babamba bobabili laba baqeqeshi kodwa izinto zabaphika. Nokho bakwazi ukushaya i-Orlando Pirates emdlalweni weligi.
Njengoba emaqenjini amathathu edlule abeqeqesha kuwo, okukhona kuwo neMoroka Swallows eshiye isigubhukane lo mqeqeshi, kuzothatha amehlo ukubona uzokwenza esifanayo yini nakwiSpurs.
ISwallows wayilaxaza ibhekene nezembe, wabuyela kwelakubo eGermany la afike waqeqesha iqembu elisezigabeni zama-amesha.
Nakhona walifica lilengele ezembeni, wehluleka ukulisiza livike izembe. Kuthe sekuqale isizini entsha, walidikila nalo.